UNksz Mondo Mazwai
SihlaloBJuris, LLB
UMondo Mazwai usebenze njengelungu le-Tribunal kusukela ngo-2013 kwathi ngo-August 2019 waqokwa nguMongameli Cyril Ramaphosa njengoSihlalo wokuqala wesifazane nomnyama we-Competition Tribunal.
UNkz Mazwai unesipiliyoni seminyaka engaphezu kwengama-24 kwezomthetho wokuncintisana, ujoyine iKhomishana Yezokuncintisana ngo-1999 njengomphenyi ophikweni lwe-Megers & Acquisitions Division. UNksz Mazwai ngokuhamba kwesikhathi waqokwa njengomphenyi omkhulu ophikweni lwe-Enforcement & Exemptions Division. Uqokwe njengoMeluleki Omkhulu Wezomthetho kanye neSekela likaKhomishana Osabambile weKhomishana ngo-2003.
Ngemva kokushiya iKhomishana, uNksz Mazwai wajoyina inkampani yabameli i-Cliffe Dekker (manje eseyiCliffe Dekker Hofmeyr) ngo-2005 njengoMqondisi eMnyangweni wayo Wezokuncintisana. Ngo-2006, waqokwa njengenhloko kazwelonke yoMnyango WezoMthetho Wokuncintisana kaCliffe Dekker. Umsebenzi wakhe wawuhlanganisa zonke izici zomthetho wokuncintisana futhi wayemele amafemu ezinkampanini ezizimele nezikahulumeni.
UNksz Mazwai uthole iziqu zakhe ze-B Juris eNyuvesi yaseNtshonalanga Kapa kanye neziqu zeLLB eNyuvesi yaKwaZulu-Natal, ngemuva kwalokho wasebenzela uCheadle Thompson noHaysom Attorneys njengeCandidate Attorney ngo-1995, Professional Assistant ngo-1997 ne-Associate Partner. ngo-1999.